Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 32:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi, nalapho belibona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenezinkomo eziningi kakhulu; lapho bebona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi, indawo leyo yayiyindawo yezinkomo;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 32:1
30 Referans Kwoze  

UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho.


ne-Athiroti Shofanu, neJazeri, neJogibeha,


“I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni,


ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.


Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe, aklabe eKarmeli naseBashani, umphefumulo wakhe waneliswe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


Bawela iJordani, bamisa e-Aroweri ngakwesokunene komuzi ophakathi nesigodi sakwaGadi ngaseJazeri;


Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri elingaphambi kweRaba,


Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi,


Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu, nezimvu, nezinkomo, imfuyo eningi kakhulu.


Bathi kuFaro: “Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho, lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.”


ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”


Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.


U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.


abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose, naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi:


Wazikhethela isabelo sokuqala, ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli; wahamba nezinhloko zabantu, wafeza ukulunga kukaJehova, nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.”


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya, bamuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;


Wahlalelani ezibayeni zezimvu ukuzwa ikhwelo lemihlambi na? Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.


Ngokuba usho kanje uJehova ngendlu yenkosi yakwaJuda, uthi: “UyiGileyadi kimi, nekhanda laseLebanoni; impela ngiyakukwenza ube yihlane nemizi engahlalwa muntu.


Abantwana bakwa-Israyeli bathuma kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi,


base befika kwaGileyadi nasezweni laseTahetimi Hodishi; bafika naseDani Jahani nangaseSidoni,


Labo abalotshwe ngamagama bafika ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, bachitha amatende abo namaMehuni afunyanwa khona, bawaqothula kuze kube namuhla, bahlala esikhundleni sabo, ngokuba kwakukhona idlelo lezimvu zabo lapho.


Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?


Ngiyakukhalela wena mvini waseSibima kunokukhala kukaJazeri; amagatsha akho adlulile ulwandle, afinyelela elwandle lwakwaJazeri; umchithi uthelekele phezu kwezithelo zenu namavini enu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite