Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 31:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Hlambululani zonke izingubo zenu, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nangoboya bezimbuzi noma ngokhuni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Uhlanze zonke izingubo zakho, nakho konke okwenziwe ngezikhumba, nakho konke okwenziwe ngoboya bembuzi, nakho konke okwenziwa ngokhuni.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 31:20
6 Referans Kwoze  

Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.’ ”


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,


Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu,


“Misani ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; yilowo nalowo obulele umuntu, nalowo othintile obuleweyo, makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu.


Umpristi u-Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite