Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 31:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 UMose wathi kuzo: “Ngabe nibasindisile bonke abesifazane na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wayesethi uMose kubo: “Nibaphilise bonke abesifazane na?

Gade chapit la Kopi




UNumeri 31:15
13 Referans Kwoze  

Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”


“Makaqalekiswe owenza umsebenzi kaJehova ngokunganakekeli, aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.


Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sachitha saqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane; asishiyanga muntu;


nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.


Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.


Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke, izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Bonke abawa ngalolo suku, abesilisa nabesifazane, babeyizinkulungwane eziyishumi nambili, abantu bonke base-Ayi.


Baqalekisa konke okusemzini, isilisa nesifazane, abasha nabadala, nezinkabi, nezimvu, nezimbongolo, ngosiko lwenkemba.


nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ewunikela esandleni sakho, uyakushaya bonke abesilisa bawo ngosiko lwenkemba,


UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.


kepha abesifazane, nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo, uyakukuthatha kube yimpango yakho, uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite