Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 3:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele,* netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Umsebenzi wabozalo lwabakaGereshoni ethendeni lokuhlangana kwakungukunakekela ithabanakeli, ithende, isembozo salo, nekhethini elalisemnyango wethende lokuhlangana,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Inkonzo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele netende, nesembozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 3:25
23 Referans Kwoze  

Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele* nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke.


Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo,


Nimtshele u-Arkiphu, nithi: “Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.”


Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.


UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe, abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni ekamu* likaJehova,


bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana, nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka-Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.


Itabernakele* lasuswa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka elithwala itabernakele.


Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,


Bayakugcina izimfanelo zakho nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele.*


Walengisa iveli lomnyango wetabernakele.


Weneka itende phezu kwetabernakele, wabeka isifulelo setende phezu kwalo, njengalokho uJehova emyalile uMose.


kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.


Isikhulu sendlu kayise wamaGereshoni siyakuba ngu-Eliyasafa indodana kaLayeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite