Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 29:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “ ‘Ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu; ningasebenzi msebenzi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “ ‘Ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele, niyakuphumula; ningenzi msebenzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngosuku lweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kuyakuba khona umhlangano ongcwele kini; futhi niyothobisa imiphefumulo yenu; ningasebenzi msebenzi ngayo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 29:7
17 Referans Kwoze  

sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,


Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabizela ukukhala, nokulila, nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,


Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i-Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu, sizifunele kuye indlela emhlophe, thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke.


Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.


Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila; umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.


Kwathi sekudlulile isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, ngokuba isikhathi seNzilo sase sidlulile, uPawulu wabaluleka,


nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: “Ngikhale ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite