Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 28:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Ngosuku lwesabatha izimvu zamaduna ezimbili ezinomnyaka munye ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha kanye nomnikelo wawo wokuphuzwa:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “ ‘Ngosuku lweSabatha niyonikela ngezimvu ezimbili ezingamaduna ezinonyaka ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo wokusanhlamvu oxovwe namafutha nomnikelo wawo wokuphuzwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngosuku lwesabatha amawundlu angamaduna aneminyaka emibili ubudala, angenasici, nokweshumi okubili kwempuphu, kube ngumnikelo wempuphu, exovwe namafutha, nomnikelo wawo wokuphuzwa;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 28:9
12 Referans Kwoze  

“Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,


Ngabanika futhi amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.


Enye imvu uyakunikela ngayo kusihlwa, unikele ngayo ibe njengomnikelo wempuphu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


lokhu kungumnikelo oshiswa amasabatha onke ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.


Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


njengokudingekayo imihla ngemihla, enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.


Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici;


Kepha wathi: “Uyelani kuye namuhla na? Akusilo olokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha.” Wathi: “Kahle.”


USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari,* azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite