Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 28:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 nempongo ibe nye ukunenzela ukubuyisana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 nempongo, ukunenzela ukubuyisana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Nezinyane lembuzi libe linye ukwenzela ukubuyisana.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 28:30
11 Referans Kwoze  

nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana;


Nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono kuJehova; kuyakunikelwa ngayo kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


kuyakuthi uma kwenziwe kungengamabomu, futhi kungesemehlweni enhlangano, inhlangano yonke inikele ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa wephunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo wayo wempuphu, nomnikelo wayo wokuphuzwa ngokomthetho, nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.


Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba impongo, bacwilisa ingubo egazini.


Niyakunikela ngempongo ibe ngumnikelo wesono, nezimvu ezimbili zamaduna ezinomnyaka munye, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula.


nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,


Niyakunikela ngazo ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, zibe ngezingenasici kini, kanye neminikelo yazo yokuphuzwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite