Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 28:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “ ‘Njalo ngosuku lokwethwasa kwenyanga, niyonikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa. Kuyoba ngamaduna amabili emhlanjini, inqama, amazinyane ayisikhombisa anonyaka, futhi angenasici.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ekuqaleni kwezinyanga zenu niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova; izinkunzi ezimbili, nenqama eyodwa, nezimvu zamawundlu eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 28:11
32 Referans Kwoze  

Nangezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”


Ngosuku lokwethwasa kwenyanga kube yiduna elingenasici, namawundlu ayisithupha, nenqama, okungenasici.


Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,


Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe, imikhosi yakhe, nokwethwasa kwenyanga, namasabatha akhe, nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.


nangasemuva umnikelo oshiswa imihla yonke, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi yonke emisiweyo kaJehova eyayingcwelisiwe, neyabo bonke abanikela ngenhliziyo ngeminikelo yesihle kuJehova.


Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


nokunikela njalo ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nanemikhosi emisiweyo ngomumo onjengomthetho wabo, phambi kukaJehova;


UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.


Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye,


Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka.


Inyoni iwela ogibeni emhlabathini, ingenasihibe, na? Ugibe luyaxhuma emhlabathini, lungabambanga nokubamba, na?


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Isango legceke elingaphakathi, elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa, livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga.


Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami,” usho uJehova.


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.


Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”


Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.


eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke, neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo, neyezinto ezingcwele, neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka-Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.


Kepha wathi: “Uyelani kuye namuhla na? Akusilo olokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha.” Wathi: “Kahle.”


kepha ninikele ngomnikelo womlilo, umnikelo wokushiswa kuJehova, amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici kini,


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Abaphendula athi: “Ukhona; nangu ngaphambi kwakho; shesha kodwa, ngokuba ufikile namuhla emzini, lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo;


njengokudingekayo imihla ngemihla, enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.


Siyakulungisa umnikelo wempuphu: i-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu kube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa* libe lincane, senze ishekeli* libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,


USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari,* azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.


Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite