Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 28:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Gade chapit la Kopi




UNumeri 28:1
17 Referans Kwoze  

wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.


“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.’


Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.


neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,


nokunikela njalo ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nanemikhosi emisiweyo ngomumo onjengomthetho wabo, phambi kukaJehova;


Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


njengokudingekayo imihla ngemihla, enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.


UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.


nesabelo senkosi emfuyweni yayo ukuba sibe ngeseminikelo yokushiswa, eseminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa, neseminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.


Abakudingayo, amaduna, nezinqama, namawundlu okuyakuba yiminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wezulu, kanye nokolweni, nosawoti, newayini, namafutha, njengezwi labapristi abaseJerusalema, mabanikwe khona imihla ngemihla kungaphuthi


eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke, neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo, neyezinto ezingcwele, neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka-Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.


Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu; impepho iyisinengiso kimi; ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlangano angivumi ububi kanye nemikhosi.


“ ‘Ekuphikisaneni bayakuma ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, balingcwelise isabatha lami.


Kuyakuba phezu kwesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yempuphu, nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini, nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli, silungise umnikelo wesono, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.


“ ‘Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.


Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka.


Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite