Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 27:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 ozophuma angene phambi kwayo, abakhiphe, abafake, ukuze inhlangano kaSimakade ingabi njengezimvu ezingenamelusi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 abangaphuma phambi kwabo futhi abangene phambi kwabo futhi abakhiphe futhi abangenise; ukuze ibandla leNkosi lingabi njengezimvu ezingenamalusi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 27:17
19 Referans Kwoze  

Zazihlakazekile, ngokuba umalusi wayengekho; zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, zahlakazeka.


Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.


Wayesethi: “Ngabona wonke u-Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamalusi; uJehova wathi: ‘Laba abasenankosi; mababuyele, kube yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula.’ ”


Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.


Ngokuba amatherafi* akhulumile okuyize, nababhuli babone okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho, baduduza ngeze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe, ngokuba kungekho umalusi.


Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume, ngingene phambi kwalabo bantu, ngokuba ngubani ongahlulela labo bantu bakho abakhulu kangaka na?”


wathi kubo: “Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena; uJehova ushilo kimi ukuthi: ‘Awuyikuliwela leli Jordani.’


“Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma.


Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu.


ukuze nathi sibe njengezizwe zonke, inkosi yethu isahlulele, iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu.”


ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.


Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.


Kodwa waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.”


kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


Wayesethi: “Ngabona wonke u-Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamalusi; uJehova wathi: ‘Laba abasenankosi; mababuyele, kube yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula.’ ”


Ngesikhathi esidlulileyo, uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.’ ”


Niyakuyizungeza inkosi nxazonke, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe esandleni sakhe; ongena phakathi kwezinhla makabulawe; yibani nenkosi ekuphumeni kwayo nasekungeneni kwayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite