Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 26:55 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

55 Izwe liyokwabiwa ngonkatho. Yileso naleso sizwana sabelwe ngokwamagama okhokho baso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Kepha izwe liyakuhlukaniswa ngenkatho, ifa ngokwamagama ezizwe zoyise.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 26:55
21 Referans Kwoze  

UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,


Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.


ngenkatho yefa labo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose ngezizwe eziyisishiyagalolunye nangenxenye yesizwe.


Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.


nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,


Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.


Inkatho iyaqeda ukuxabana, yahlukanise phakathi kwabanamandla.


Inkatho yenzelwa emathangeni, kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.


Inkatho yesikhombisa yadla abantwana bakwaDani ngemindeni yabo.


Inkatho yesithupha yadla abantwana bakwaNafetali, abantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo.


Inkatho yesihlanu yadla isizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo.


Inkatho yesine yadla u-Isakare, abantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo.


Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi;


Inkatho yesibili yadla uSimeyoni, isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda.


Anoloba izwe kube yizabelo eziyisikhombisa, nikulethe lapha kimi, nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu.


Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa, bathi: “Unginikeleni isabelo sibe sinye nje nesinqamu sibe sinye kuphela, kube yifa lami, lokhu ngiyisizwe esikhulu, njengokuba uJehova ungibusisile kuze kube manje, na?”


Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”


Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu. Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite