Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 24:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Bheka, manje sengiphindela kwabakithi, kodwa-ke woza ngikweluleke ukuthi laba bantu bazokwenzani kubantu bakho ezinsukwini ezizayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Manje bheka, sengiya kubantu bakithi; woza, ngikwazise lokho lababantu abayakwenza kubantu bakho ekupheleni kwezinsuku.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 24:14
16 Referans Kwoze  

Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”


UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.


“Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.


Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima;


Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:


Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.


“ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;


Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.


Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”


“Kepha kuyakuthi ezinsukwini zokugcina ngibuyise ukuthunjwa kwe-Elamu,” usho uJehova.


Kepha ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaMowabi ngezinsuku ezizayo,” usho uJehova. Kuphela lapha ukwahlulelwa kukaMowabi.


Bayakubuthelwa ndawonye njengeziboshwa zibuthelwa emgodini, bavalelwe etilongweni, bajeziswe emva kwezinsuku eziningi.


“Ngiyambona, kepha kungemanje; ngiyambheka, kodwa kungeseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSeti.


UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.


UBileyamu indodana kaBeyori, umbhuli, naye bambulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwabanye ababulawa yibo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite