Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 24:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kuthe lapho uBhileyamu ebona ukuthi kuyamthokozisa uSimakade ukubusisa u-Israyeli, wangabe esahamba njengasemihleni ukuyofuna imilingo, kodwa waphendukela ngasogwadule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akahambanga ukuyofuna imilingo njengakuqala, kepha wabhekisa ubuso bakhe ehlane.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 24:1
13 Referans Kwoze  

Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.


UBileyamu wathi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela.” Waya edulini elingenalutho.


“Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.


Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwa-Israyeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova.


UBalaki wamyisa uBileyamu esiqongweni sasePeyori elibheke ngenzansi ngasehlane.


Bheka, ngiyaliwe ukubusisa; yena ubusisile, anginakukubuyisa.


Wathi kuBalaki: “Yima lapha ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngilinde laphaya.”


UBileyamu wavuka ekuseni, wathi kuzo izikhulu zikaBalaki: “Buyelani ezweni lakini, ngokuba uJehova uyangalela ukuba ngihambe nani.”


USawule wathi kuDavide: “Mawubusiswe wena ndodana yami Davide; uyakwenza izinto ezinkulu, uphumelele kahle.” Wayesehamba uDavide ngendlela yakhe, uSawule wabuyela endaweni yakhe.


USawule wasuka, wehlela ehlane laseZifi enabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizinkulungwane ezintathu ukuba amfune uDavide ehlane.


Manje bheka, ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela, nombuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.


Amalunga akwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka enenkokhelo yokubhula esandleni sawo; ayesefika kuBileyamu, akhuluma kuye amazwi kaBalaki.


UBalaki wenza-ke njengalokho eshilo uBileyamu; wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite