Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 23:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela ukukhuluma lokhu uNkulunkulu akufakile emlonyeni wami na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 UBhileyamu waphendula, wathi: “Akufanele yini ngiqikelele ukuba ngikutshele lokho uSimakade athe angikusho na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela yini ukukhuluma lokho uJehova akubeke emlonyeni wami na?”

Gade chapit la Kopi




UNumeri 23:12
11 Referans Kwoze  

UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.”


‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?


Kepha uBileyamu waphendula, wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke uNkulunkulu akukhulumayo ngiyakukwenza na?”


Bheka, ngiyaliwe ukubusisa; yena ubusisile, anginakukubuyisa.


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.


ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.


Lapho enza izwi lakhe libe mnandi, ungakholwa nguye, ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe.


UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.”


Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza.


UBalaki wayesethi kuye: “Ake uze nami, siye kwenye indawo, lapho ungababona khona; uyakubona inxenye yabo kuphela, ungaboni bonke; ungiqalekisele bona uselapho.”


UBileyamu wathi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela.” Waya edulini elingenalutho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite