Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori ePethori elingasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe ukumbiza ngokuthi: “Bheka, nampa abantu abaphumile eGibithe; bheka, basibekela ubuso bomhlaba; sebehlala malungana nami;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wathumela izithunywa kuBhileyamu, indodana kaBheyori, owayesePhethori ngasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe, ukuyombiza zithi kuye: “Bheka, kunoquqaba lwabantu, abaphuma eGibhithe asebegcwele yonke indawo, futhi sebehleli eduze kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori kuPhethori osemfuleni wezwe labantwana babantu bakubo ukuba zimbize, zithi: “Bheka, kuphume abantu eGibithe; bheka, zisibekela ubuso bomhlaba, futhi zihlala phambi Kwami.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:5
15 Referans Kwoze  

ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.


Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”


Kwase kuvuka uBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, walwa no-Israyeli; wathuma wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise,


Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!


“Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.


UBileyamu indodana kaBeyori, umbhuli, naye bambulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwabanye ababulawa yibo.


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “E-Aramu uBalaki ungilandile, inkosi yakwaMowabi ezintabeni zasempumalanga: woza ungiqalekisele uJakobe; woza umdlelesele u-Israyeli.


Wandisa kakhulu abantu bakhe; wabenza babe namandla kunezitha zabo.


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.


Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe. Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.


Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.


UJehova uNkulunkulu wakho akamlalelanga nokho uBileyamu, kepha uJehova uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite