Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: “Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke, njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo.” UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UMowabi wathi ezingwevini zakwaMidiyani: “Manje lolu quqaba luzoqothula konke esinakho nxazonke, njengenkabi iqothula utshani edlelweni.” UBhalaki, indodana kaZiphori, wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UMowabi wayesethi kumalunga akwaMidiyani: “Manje leli sixuku liyakuqeda njengezinkomo ezisihaqileyo, lidle utshani basendle; UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:4
13 Referans Kwoze  

Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.


Phezu kwazo zonke izindlu zakwaMowabi nasezitaladini zakhe kukhona isililo kuphela, ngokuba ngimaphulile uMowabi njengesitsha okungathokozi muntu ngaso,” usho uJehova.


Pho, ungcono yini kunoBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, na? Wake waphikisana no-Israyeli, wake walwa nabo na?


“Ngiyambona, kepha kungemanje; ngiyambheka, kodwa kungeseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSeti.


Amalunga akwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka enenkokhelo yokubhula esandleni sawo; ayesefika kuBileyamu, akhuluma kuye amazwi kaBalaki.


UBalaki indodana kaSipori wabona konke akwenzile u-Israyeli kuwo ama-Amori.


Khona aphaphatheka amakhosi akwa-Edomi; izikhulu zakwaMowabi zabanjwa yitwetwe; bonke abakhe eKhanani baphelile amandla.


Bheka, umuntu wabantwana bakwa-Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni sakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.


Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite