Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kuze kube ngamahlandla amathathu na? Ngize ukuzomelana nawe ngoba le ndlela yakho oyithathile imbi, iyingozi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? bheka, ngiphumile ukulwa nawe, ngokuba indlela yakho imbi phambi kwami.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:32
19 Referans Kwoze  

wathi: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Ohamba ekupheleleni uyakusinda, kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.


Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye. Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye.


Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova, kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.


Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”


mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”


Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.


UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.


“Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula.


ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.


Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: “Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyakulikhuluma.” UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki.


UJehova wavula umlomo wembongolo, yathi kuBileyamu: “Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?”


UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.”


imbongolo yangibona, yachezuka phambi kwami kathathu; uma ibingachezukanga kimi, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.”


Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe, kepha uJehova uyalinganisa imimoya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite