Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Ngalobo busuku uNkulunkulu wafika kuBhileyamu, wathi: “Uma lawa madoda efikele ukuzokubiza, vuka uhambe nawo, kodwa uyokwenza kuphela lokho engizokutshela khona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UNkulunkulu wafika kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma la madoda efika ukukubiza, sukuma uhambe nawo; kodwa nokho izwi engizolikhuluma kini nize nilenze.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:20
18 Referans Kwoze  

‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?


Kepha uBileyamu waphendula, wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke uNkulunkulu akukhulumayo ngiyakukwenza na?”


Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela ukukhuluma lokhu uNkulunkulu akufakile emlonyeni wami na?”


Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: “Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyakulikhuluma.” UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki.


Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami, ngayisusa ngolaka lwami.


Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami, nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.


Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.


UJehova wayesehlangana noBileyamu, wafaka izwi emlonyeni wakhe, wathi: “Buyela kuBalaki, ukhulume kanje.”


UJehova wafaka izwi emlonyeni kaBileyamu, wathi: “Buyela kuBalaki, ukhulume kanje.”


Ngalokho ake nihlale nani lapha lobu busuku, ukuze ngazi ukuthi uJehova useyakukhulumani kimi futhi.”


ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla uthi, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:


Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite