Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 21:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho sinkwa, akukho manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesi sinkwa esilulana.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? ngokuba akukho sinkwa namanzi; umphefumulo wethu uyasenyanya lesi sinkwa esilula.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 21:5
19 Referans Kwoze  

Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi: “UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?


Kepha ngolwangakusasa yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose nango-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu bakaJehova.”


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuluma kuMose, bathi: “Bheka, siyaphela, siyashabalala, sishabalala sonke.


Bathi kuMose: “Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na?


Umphefumulo osuthiyo uyanengwa yizinyosi, kepha emphefumulweni olambileyo konke okubabayo kumnandi.


uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini, akhiphele iziboshwa ekubuseni; ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.


Indlu yakwa-Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana;* kwakunjengembewu yekoriyanderi,* kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi.


Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.


Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”


Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.


“ ‘Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze, umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.


kepha inyanga epheleleyo, ize iphume ngamakhala enu, inengeke kini, ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe ngokuthi: “Saphumelani eGibithe na?” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite