Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 21:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Basuka lapho, baya eBeri; lokhu kungumthombo asho ngawo uJehova kuMose, wathi: “Butha abantu, ngibaphe amanzi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Basuka lapho, baya eBheri; lowo ngumthombo athi ngawo uSimakade kuMose: “Qoqa abantu ukuze ngibaphe amanzi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Basuka lapho baya eBeri; lokhu kungumthombo uJehova akhuluma ngawo kuMose, wathi: “Butha abantu, ngibanike amanzi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 21:16
16 Referans Kwoze  

“Thabatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo; uyakubavezela amanzi edwaleni, ukuze unike inhlangano nezinkomo zayo ukuphuza.”


Ngalokho niyakukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso.


UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu,* uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Izilwane zasendle ziyakungidumisa, amakhanka nezintshe, ngokuba ngiveza amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,


UJothamu wayesebaleka, weqa, waya eBeri, wahlala khona ngenxa ka-Abimeleki umfowabo.


Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze.” Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.


kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”


Abayikulamba, abayikoma, abayikushaywa yisifudumezi nelanga, ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi.


UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi, waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.


Basuka eDiboni Gadi, bamisa e-Alimoni Dibilatayimi.


Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi, nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi, nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite