Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 20:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Niletheleni ibandla likaJehova kuleli hlane, ukuze sifele lapha, thina nezinkomo zethu, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Niyiletheleni kuleli hlane inhlangano kaSimakade ukuba sizofela kulo, thina nemfuyo yethu na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Niletheleni ibandla leNkosi kuleli hlane, ukuze sifele khona thina nemfuyo yethu?

Gade chapit la Kopi




UNumeri 20:4
13 Referans Kwoze  

Abantu bomela khona amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale, thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?”


“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli na?’ nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe ngumbusi nomhlengi.


Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,


Kepha ngolwangakusasa yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose nango-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu bakaJehova.”


Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba,* namakhabe, namaliki,* nohanyanisi,* nesweli;


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”


Zathi kubo: “UJehova makanibheke, ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.”


Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane.


Ngokuba ekukhuphukeni kwabo eGibithe, u-Israyeli ehamba ehlane waze wafika eLwandle Olubomvu, wafika naseKadeshi,


kepha inyanga epheleleyo, ize iphume ngamakhala enu, inengeke kini, ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe ngokuthi: “Saphumelani eGibithe na?” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite