Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 20:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 “U-Aroni uzokufa, akayukungena ezweni engibanike lona abantu bakwa-Israyeli, ngokuba naphambuka ezwini lami emanzini eMeribha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakubo, ngokuba akayikungena ezweni engalinika abantwana bakwa-Israyeli, ngokuba nahlubuka ezwini lami emanzini aseMeriba.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 20:24
18 Referans Kwoze  

U-Abrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe.


ufele kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini, njengalokho u-Aroni umfowenu wafela entabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo,


Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.


“Baphindisele abantwana bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, andukuba ubuthelwe kubantu bakini.”


Lapho ulibonile, nawe uyakubuthelwa kubantu bakini, njengalokho wabuthwa u-Aroni,


Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.


Ngesiyalezo sika-Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo.


UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.


Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,


U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.


Le iyiminyaka yokuhamba kuka-Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe.


Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala.


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”


Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi, na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane, noma eyemivini, noma eyamapomegranati,* kungekho futhi amanzi okuphuza.”


umkhumule u-Aroni izambatho zakhe, uzifake ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, afele khona.”


NgoLevi wathi: “AmaThumimi nama-Urimi* akho akuye othembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite