Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 20:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Lokhu kwakungamanzi aseMeriba, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balwa noJehova, wangcweliswa kubo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Lawa ngamanzi eMeribha, ngokuba abantu bakwa-Israyeli balwa noSimakade, Yena wazibonakalisa engcwele phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Lawa angamanzi aseMeriba; ngoba abantwana bakwa-Israyeli baphikisana neNkosi, futhi wangcweliswa kubo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 20:13
11 Referans Kwoze  

ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba, njengasosukwini lwaseMasa ehlane,


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”


NgoLevi wathi: “AmaThumimi nama-Urimi* akho akuye othembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,


ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngasemanzini aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini, lokhu ningangingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


ukhuphukele ukulwa nabantu bami u-Israyeli njengefu lokusibekela izwe; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo.


Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.


Ngephunga elimnandi ngiyakunamukela, lapho nginikhipha kubantu, nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona, ngingcweliswe kini emehlweni ezizwe.


kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela*


“Zwanini, bantu bami, ngizakufakaza kini ukuthi: O Israyeli, sengathi ungangilalela!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite