Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ibhanela* lekamu lakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ibhanela lenkambu yakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; umholo wabozalo lwabakwa-Efrayimi kuyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ibhanela lekamu lika-Efrayimi liyakuba ngasohlangothini lwasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elisama indodana ka-Amihudi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 2:18
13 Referans Kwoze  

Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwa-Efrayimi ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Elishama indodana ka-Amihudi.


Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.


Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”


Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Elishama indodana ka-Amihudi.


Ngosuku lwesikhombisa ngu-Elishama indodana ka-Amihudi, isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi.


Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:


“Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami.


Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.


Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite