Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 19:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; ofafaza amanzi okuphothula uyakuhlanza izingubo zakhe, nothinta amanzi okuphothula uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; lowo oyofafaza amanzi okuhlambulula, uyakuhlanza izingubo zakhe, nalowo othinta amanzi okuhlambulula uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ukuthi ofafaza amanzi okuhlukanisa makahlanze izingubo zakhe; othinta amanzi okuphothula uzakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 19:21
12 Referans Kwoze  

ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.


kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.


lokhu umthetho awuphelelisanga lutho, kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu.


Odla isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; nothwala isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Bonke abathwala utho lwezidumbu zazo bayakuhlanza izingubo zabo, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.


Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.


Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu,* umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; naphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.


Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite