Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 19:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Umuntu ongcolileyo futhi ongazihlambululanga, lowo uyakunqunywa ebandleni ngoba engcolise indawo kaSimakade engcwele. Lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, ungcolile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kepha umuntu ongcolile, angaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa ebandleni, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuhlukanisa awafafazwanga phezu kwakhe; ungcolile.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 19:20
13 Referans Kwoze  

Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.


Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.


Owesilisa ongasokiwe, engasokwanga enyameni yejwabu lakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba waphulile isivumelwano sami.”


Ongalungile makenze njalo okungalungile, nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.”


Ngakho, bathandekayo, lokhu nibheka lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye,


“ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


“ ‘Kanjalo niyakwahlukanisa abantwana bakwa-Israyeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele* lami eliphakathi kwabo.’ ”


Kepha uma engazihlanzi, angagezi umzimba wakhe, uyakuthwala ububi bakhe.’ ”


Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


“ ‘Yilowo nalowo wenzalo ka-Aroni onochoko noma ocucuzayo akayikudla izinto ezingcwele aze ahlambuluke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo, noma umuntu oshaywa yizibuko,


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite