Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Lokhu kuyakuba ngokwakho ezintweni ezingcwelengcwele ezisale emlilweni: yonke iminikelo yabo, yonke iminikelo yabo yempuphu, nayo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Lokhu kuyakuba ngokwenu ezintweni ezingcwelengcwele ezisale emlilweni, kuyo yonke iminikelo yabo, nakuyo yonke iminikelo yabo yokusanhlamvu, nakuyo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abayonikela ngayo kimi, iyoba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Iyakuba ngeyakho ezintweni ezingcwelengcwele ezigcinwe emlilweni: yonke iminikelo yabo yokudla, nayo yonke iminikelo yabo yokudla, nayo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abayakunginika yona, iyakuba phezulu. Ngcwele kuwe nakumadodana akho.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:9
24 Referans Kwoze  

“ ‘Umnikelo wecala unjengomnikelo wesono; umthetho wawo munye; umpristi owenza ukubuyisana ngawo woba ngowakhe.


uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele.


“ ‘Uma kona umuntukazana, enza kungengamabomu noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, aze abe necala,


“ ‘Nxa kona induna, yenza kungengamabomu noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, ize ibe necala,


“Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na?


“ ‘Nanku umthetho weminikelo yecala; ingcwelengcwele.


uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.


“ ‘Uma umuntu ona lapho ezwa izwi lesifungo, engufakazi wokuthile, noma ekubonile noma ekwazi, engakusho nokho, khona wothwala ububi bakhe;


Akuyikuphekwa ngemvubelo. Ngikunike kube yisabelo sabo seminikelo yami yomlilo; kungcwelengcwele njengomnikelo wesono nanjengomnikelo wecala.


Kepha makungadliwa mnikelo wesono okwangeniswa igazi lawo etendeni lokuhlangana ukuba kwenziwe ukubuyisana endaweni engcwele; woshiswa ngomlilo.


Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla, udliwe endaweni engcwele; ungcwelengcwele.


Niyakudlela lokhu endaweni engcwelengcwele; bonke abesilisa bayakukudla; kuyakuba ngcwele kuwe.


Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukanisiweyo mawabe ngamakamelo angcwele, lapho abapristi abaseduze noJehova beyakudla khona okungcwelengcwele, babeke khona okungcwelengcwele, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, ngokuba indawo ingcwele.


Bayakudla umnikelo wempuphu, nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, konke okwahlukanisiweyo kwa-Israyeli kube ngokwabo.


Okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Selishonile ilanga uyakuba ngohlambulukile, andukuba adle izinto ezingcwele, ngokuba ziyisinkwa sakhe.


Kepha uma umpristi ethenga umuntu eyintengo yemali yakhe, yena angakudla; nabazelwe emzini wakhe bangadla isinkwa sakhe.


“Abapristi bamaLevi, yebo, sonke isizwe sakwaLevi asiyikuba nasabelo nafa kanye no-Israyeli; siyakudla iminikelo yomlilo kaJehova nefa lakhe.


Khona uHazayeli inkosi yase-Aramu wenyuka walwa neGati, walithatha; uHazayeli wabhekisa ubuso bakhe ukwenyukela eJerusalema.


kulethwe endlini kaNkulunkulu wethu namazibulo amadodana ethu, nawezimpahla zethu njengokulotshiweyo emthethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu, kubapristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite