Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Umnikelo wenu wokuphakanyiswa uyakubalelwa nina, njengalokho bekungamabele esibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Umnikelo wenu uyakubalelwa kini, njengokusanhlamvu kwesibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Lo mnikelo wenu kumelwe ubalelwe kini njengokungathi ukolweni wasesibuyani nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:27
9 Referans Kwoze  

“Ngalokho uyakusho kubo ukuthi: ‘Nxa niphakamisa okuhle kwayo, kuyakubalelwa amaLevi njengokwanda kwesibuya nokwanda kwesikhamo sewayini.


Kepha yathi: “Uma uJehova engakusizi, mina ngingatholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini na?”


Uyakumthwesa nokumthwesa ngezimvu zakho, nangokwesibuya sakho, nangokwesikhamo sakho sewayini; njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile, kanjalo womnika yena.


Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunikela ngeqebelengwane libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwenza kanjalo.


Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.


“Futhi uyakukhuluma kumaLevi, uthi kuwo: ‘Nxa nithabatha kwabakwa-Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, okweshumi kokweshumi.


Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukelayo kubantwana bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umpristi ngomnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite