Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Ngokuba okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngakho, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, ngikunikile amaLevi kube yifa lawo; ngalokho ngishilo kuwo, ngathi: ‘Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli aniyikuba nafa.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Okweshumi, abantu bakwa-Israyeli abanikela ngakho kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, ngikunike abaLevi ukuba kube yifa labo. Yingakho ngithe kubo: ‘Abayukuba nalifa phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kepha okweshumi kwabantwana bakwa-Israyeli abakulethayo kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, ngakunika amaLevi njengefa; ngalokho ngathi kubo: “Phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:24
10 Referans Kwoze  

“Futhi uyakukhuluma kumaLevi, uthi kuwo: ‘Nxa nithabatha kwabakwa-Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, okweshumi kokweshumi.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.


“Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,


“ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.


Isizwe sakwaLevi kuphela akasinikanga fa; iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli yomlilo iyifa lakhe njengokukhuluma kwakhe kuye.


Umpristi, indodana ka-Aroni, ubeyakuba namaLevi, lapho amaLevi amukela okweshumi; amaLevi ayakukhuphulela okweshumi kokweshumi endlini kaNkulunkulu wethu emakamelweni endlini yengcebo.


Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kwamabele, nokwewayini, nokwamafutha engcebeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite