Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abanikela ngayo, ngiyinika wena namadodana namadodakazi akho, ibe ngeyenu kuze kube phakade. Kuyisivumelwano sikasawoti, kuze kube phakade phambi kukaSimakade, kuwe nasezizukulwaneni zakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezipho ezingcwele abantwana bakoIsrayeli abayiletha eNkosini, ngiyinikile wena lamadodana akho lamadodakazi akho kanye lawe, ibe yisimiso esilaphakade; iyisivumelwano sikatshwayi kuze kube nininini phambi kobuso beNkosi. Nkosi. Ngawe nenzalo yakho kanye nawe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:19
15 Referans Kwoze  

Bekunganifanele ukwazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide umbuso kwa-Israyeli kuze kube phakade, yena namadodana akhe, ngesivumelwano sikasawoti, na?


“Lokhu kungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa-Israyeli; ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.


Yonke iminikelo yakho yempuphu iyoliswe ngosawoti; ungavumeli ukuba usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho asilale emnikelweni wakho wempuphu; wonikela ngayo yonke iminikelo yakho inosawoti.


Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova.


nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu,


UMose wamnika u-Eleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.


nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.


UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Bheka, mina ngikunike ukugcina iminikelo yami yokuphakanyiswa; zonke izinto ezingcwelisiwe zabantwana bakwa-Israyeli ngikunikile zona wena namadodana akho ngenxa yokugcotshwa, kube yisimiso esiphakade.


Athabathe kuwo libe linye njalo eminikelweni yakhe, libe ngumnikelo ophakanyiswayo kuJehova, libe ngelompristi ofafaza ngegazi leminikelo yokuthula.


“Izinto zakho ezingcwele onazo nezithembiso zakho wozithatha, uye endaweni ayakuyikhetha uJehova,


Imali yeminikelo yamacala, nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi.


Uyakukusondeza phambi kukaJehova, abapristi bathele usawoti kukho, banikele ngakho, kube ngumnikelo wokushiswa kuJehova.


“Uyakusingcwelisa isifuba somnikelo wokuzuliswa nomlenze womnikelo wokuphakanyiswa, ozuliswayo nophakanyiswayo, okwenqama yokwahlukaniselwa, okuka-Aroni nokwamadodana akhe;


Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite