Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Konke okuhle kwamanoni nakho konke okuhle kwewayini nokwamabele, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuJehova ngikunikile khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “Konke okuhle kwamafutha amasha nakho konke okuhle kwewayini elisha nokusanhlamvu, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuSimakade, ngikunike khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Konke okuhle kwamafutha nakho konke okuhle kakhulu kwewayini nokolweni, ulibo lwalokho abayakunikela ngakho kuJehova, ngikunike kona.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:12
19 Referans Kwoze  

Ulibo lwamabele akho, nolwewayini lakho, nolwamafutha akho, nezandulela zoboya bezimvu zakho uyakumnika khona.


“Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


“Izandulela zolibo lwezwe lakho woziyisa endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.”


uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Umpristi uyakuzizulisa kanye nesinkwa solibo zibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova kanye nezimvu ezimbili; ziyakuba ngcwele kuJehova, zibe ngezompristi.


Maniphume ezindlini zenu nezinkwa ezimbili zokuzuliswa zokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, ziphekwe nemvubelo, zibe lulibo kuJehova.


“ ‘Uma unikela ngomnikelo wempuphu wolibo kuJehova, wonikela ngezikhwebu zamabele ezosiwe ngomlilo, amabele agquliweyo ezikhwebu ezintsha, ube ngumnikelo wempuphu wolibo lwakho,


“Awuyikulibala neminikelo yamabele neyewayini. Wonginika izibulo emadodaneni akho.


UNkulunkulu makakuphe amazolo ezulu, namanoni omhlaba, nenala yamabele neyewayini.


“Lokhu kuyakuba yimfanelo yabapristi ephuma kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu, ukuba bamnike umpristi umkhono, nemihlathi yombili, nenanzi.


namangqanga ezinkomo, nobisi lwezimvu, namafutha amawundlu, nezinqama zohlobo lwaseBashani, nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.


Ubeyakubapha ukolweni omuhle; yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”


Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle.


Lonke ulibo lokuqala lwakho konke nayo yonke iminikelo yakho konke eminikelweni yenu yonke kuyakuba ngokwabapristi, nimnike umpristi ulibo lomgqakazo wenu ukuhlalisa isibusiso phezu kwendlu yakho.


Anonikela ngakho kube ngumnikelo wolibo; kungenyukeli e-altare nokho, kube yiphunga elimnandi.


Kwavela umuntu waseBali Shalisha, walethela lo muntu kaNkulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali* ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”


Lanele ukusakazeka nje leli zwi, abantwana bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele, nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite