Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Niyakudlela lokhu endaweni engcwelengcwele; bonke abesilisa bayakukudla; kuyakuba ngcwele kuwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Lokhu niyokudlela endaweni engcwelengcwele, kuyodliwa yibo bonke abesilisa; kuyoba ngcwelengcwele kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Niyakukudla eNgcwelengcwele; bonke owesilisa bayakuwudla; kufanele kube ngcwele kini.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:10
13 Referans Kwoze  

Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla, udliwe endaweni engcwele; ungcwelengcwele.


Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla; ungcwelengcwele.


Okuseleyo kuwo kuyakudliwa ngu-Aroni namadodana akhe, kudliwe ngaphandle kwemvubelo endaweni engcwele, bakudlele egcekeni letende lokuhlangana.


Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele.


uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele.


“Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na?


niwudle endaweni engcwele, ngokuba kuyimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho eminikelweni yomlilo kaJehova; ngokuba ngiyaliwe kanjalo.


Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla, udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.


Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni bayakukudla kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova; konke okukuthintayo kuyakuba ngcwele.’ ”


Lokhu kuyakuba ngokwakho ezintweni ezingcwelengcwele ezisale emlilweni: yonke iminikelo yabo, yonke iminikelo yabo yempuphu, nayo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.


“Lokhu kungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwa-Israyeli; ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.


Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukanisiweyo mawabe ngamakamelo angcwele, lapho abapristi abaseduze noJehova beyakudla khona okungcwelengcwele, babeke khona okungcwelengcwele, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, ngokuba indawo ingcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite