Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 17:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwathi ngolwangakusasa uMose wangena etendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi ibisihlumile, ivezile imiqumbe, iqhakazile izimbali, ithele ama-alimondi* avuthiweyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngakusasa uMose waya ethendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi yayihlumile, yaveza imiqumbe, yaqhakaza izimbali, yathela ama-alimondi avuthiweyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwathi ngangomuso uMose wangena etendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi yaqhakaza, yathela imiqumbe, iqhakazile, yathela ama-alimondi athelayo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 17:8
13 Referans Kwoze  

Yonke imithi yasendle iyakwazi ukuthi mina Jehova ngiwisile umuthi omude, ngiphakamisile umuthi omfushane; ngomisile umuthi oluhlaza, ngihlumisile umuthi owomileyo. “ ‘Mina Jehova ngikukhulumile, ngakwenza.’ ”


Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.”


Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.


Umlilo uphumile esiqwini sawo, wadla amagatsha awo nezithelo zawo, kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo, nantonga yokubusa.’ Lokhu kuyisililo; makube yisililo.”


Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni; busa wena phakathi kwezitha zakho.


emvinini kwakukhona amagatsha amathathu; wahluma qede wakhahlela, amahlukuzo awo athela izithelo.


eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana*, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;


Kepha wasishulwa ngokufutheka, waphonselwa phansi, umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa, sabuna, umlilo wasiqeda.


Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele, amsondeze kuye; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye.


UMose wakhiphela bonke abantwana bakwa-Israyeli zonke izintonga ngaphambi kukaJehova, babheka, yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite