Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 17:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthathe kubo izintonga, ibe yinye kuleyo naleyo ndlu yokhokho babo, kubo bonke abaholi ngokwezindlu zokhokho; kube yizintonga ezili-12. Uyoloba igama lomniniyo entongeni yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthathe kubo induku ngokwezindlu zawoyise, kuzo zonke izikhulu ngezindlu zawoyise, izinduku eziyishumi nambili; bhala igama lawo wonke umuntu entongeni yakhe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 17:2
18 Referans Kwoze  

Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.


“ ‘Sekuyalingwa; kunjani uma intonga edelela manje ayisayikubakho na? isho iNkosi uJehova.’


Ilolelwe ukubulala nokubulala, iphucuziwe ukuba ibe njengonyazi. “ ‘Besiyakujabula na? Le ntonga, ndodana yami, idelela konke okomuthi.


Umlilo uphumile esiqwini sawo, wadla amagatsha awo nezithelo zawo, kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo, nantonga yokubusa.’ Lokhu kuyisililo; makube yisililo.”


Ngokuba intonga yababi ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo belulele izandla zabo kokubi.


Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni; busa wena phakathi kwezitha zakho.


Uzakuphatha le nduku ngesandla sakho, oyakwenza izibonakaliso ngayo.”


Wayesethi kuye uJehova: “Kuyini lokhu okusesandleni sakho na?” Wathi: “Yinduku.”


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Uyakuloba igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngokuba kuyakuba yintonga inye kuleyo naleyo nhloko yezindlu zawoyise.


Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi,


Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele,* waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,


abapristi babhalwa ngezindlu zawoyise, namaLevi abhalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ngezimfanelo zawo nezigaba zawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite