Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 16:46 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 UMose wathi ku-Aroni: “Thatha umcengezi wakho womlilo, ubeke kuwo umlilo wase-altare, ufake impepho ngaphezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

46 UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha sempepho, ufake kuso amalahle avuthayo ase-althare, nempepho, uphuthume uye ebandleni uyolenzela ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaSimakade isiphumile, seluqalile ubhubhane.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

46 UMose wayesethi ku-Aroni: “Thatha umcengezi womlilo, uthele kuwo umlilo wase-altare, ubeke impepho phezu kwawo, ungene masinyane ebandleni, uwenzele ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaJehova isiphumile; isiqalile isifo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 16:46
23 Referans Kwoze  

Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika-Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa-Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele.”


UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe: “Ningathukululi izinwele zamakhanda enu, ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi, ingathukuthelelwa yonke inhlangano, kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.


Bamcunula ngezenzo zabo; kwabhoboka isifo phakathi kwabo.


UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.


“Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase-altare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantwana bakwa-Israyeli.


Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu.


Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


“EThabehera naseMasa naseKibiroti Hathawa namthukuthelisa uJehova.


siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”


Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”


wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli.


Ngaphambi kwakhe kuhamba isifo, amalangabi aphuma ezinyathelweni zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite