Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 16:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Baya kwalasha bezwa, nakho konke okungokwabo. Umhlaba wabagubuzela; bafa kanjalo phambi kwebandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Bona kanye nakho konke okwabo behlela egodini bephila, umhlaba wabavala, futhi babhubha phakathi kwebandla.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 16:33
19 Referans Kwoze  

Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!


“Lapho kukhona izikhulu zasenyakatho, zonke zazo, nabo bonke abaseSidoni, abehlile nabagwaziweyo; nakuba bebesatshwa ngenxa yobuqhawe babo, sebejabhile, balele bengasokile nababulewe ngenkemba, bethwala amahloni kanye nabehlela egodini.


“Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usehlisele ezindaweni eziphansi komhlaba, sona namadodakazi ezizwe ezidumileyo, kanye nabehlela egodini.


Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi.


Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi, zonke izikhulu zomhlaba, isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.


Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Isikhukhula samanzi masingangicwilisi, utwa lungangigwinyi, umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.


Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.


Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo; unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo.


umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.


Bonke abakwa-Israyeli ababebazungeza babaleka ngokukhala kwabo, ngokuba bathi: “Funa umhlaba usigwinye nathi.”


Kepha amadodana kaKora awafanga.


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


Ukufa makubazume, bashonele endaweni yabafileyo besezwa, ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.


Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.


Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi, nokufa akukudumisi; abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.


ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini, yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu, kwabehlelayo egodini.


imbongolo yangibona, yachezuka phambi kwami kathathu; uma ibingachezukanga kimi, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.”


Mina ngizakukhala kuNkulunkulu; uJehova uzakungisindisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite