Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 16:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Kepha uma uJehova edala into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 Kodwa uma uSimakade enza into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye nakho konke okwabo, baye kwalasha bephila, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamedelelile uSimakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kepha uma uJehova enza okusha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, behlele egodini bephila; khona nizakuqonda ukuthi lamadoda aklolodela iNkosi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 16:30
12 Referans Kwoze  

Ukufa makubazume, bashonele endaweni yabafileyo besezwa, ngokuba ububi busezindlini zabo nasezinhliziyweni zabo.


Bona bashona besezwa nakho konke okwabo endaweni yabafileyo; umhlaba wabagqiba, baqothulwa ebandleni.


Akusikho ukubhubha kwabangalungile nengozi kwabenza okubi na?


Koze kube nini uhambahamba wena ndodakazi ehlubukayo na? Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda.”


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidala okubi; nginguJehova owenza konke lokho.


Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.


Ngokuba uJehova uyakusukuma njengasentabeni yasePherasimi, athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe ongavamile, afeze isenzo sakhe, isenzo sakhe esimangalisayo.


Kwathi eseqedile onke lawo mazwi, umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka;


Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu phezulu, nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?


ngabe sebesigwinyile ekuvutheni kolaka lwabo kithina;


ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini, yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu, kwabehlelayo egodini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite