Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 16:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Futhi awusingenisanga ezweni elivame ubisi nezinyosi, awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; uyakubhoboza amehlo alaba bantu na? Asiyikukhuphuka.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Futhi awusingenisile ezweni elichichima ubisi noju, awukasiniki ifa lethu lamasimu nezivini; usuzama ukukhohlisa laba bantu na? Ngeke neze sikhuphuke.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Futhi, awusingenisanga ezweni elichichima ubisi nezinyosi, futhi awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; nizokhipha amehlo alaba bantu na? ngeke sikhuphuke.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 16:14
12 Referans Kwoze  

Kepha ngishilo kini ukuthi: “Niyakulidla ifa lezwe labo, ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi,” nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.


UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngiyakusenza nani ngalokhu ukuba kukhishwe onke amehlo enu okunene, ngikubeke kube yihlazo kuye wonke u-Israyeli.”


AmaFilisti ambamba, awakhipha amehlo akhe; amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga; wasila etilongweni.


Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi, na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane, noma eyemivini, noma eyamapomegranati,* kungekho futhi amanzi okuphuza.”


kepha ngomnyaka wesikhombisa uyakuliyeka libe yifusi ukuba abampofu babantu bakho badle; abakushiyayo makudliwe yizilwane zasendle; wenze njalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.


“Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini, aziyeke nje izinkomo zakhe zize zidle ensimini yomunye, uyakukhokha nokukhokha ngokuhle kwensimu yakhe nangokuhle kwesivini sakhe.


Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


“Iminyaka eyisithupha uyakutshala izwe lakho, uvune izithelo zalo,


Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.


Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelo zwe, asinike lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite