Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 16:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngalokho wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova; no-Aroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngakho-ke wena nalo lonke iviyo lakho nihlanganele ukuzomelana noSimakade. Ubeyini u-Aroni ukuba ningaze nikhononde ngaye na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kungani wena nesixuku sakho sonke nibuthanele uJehova, u-Aroni uyini ukuba nikhonone ngaye na?

Gade chapit la Kopi




UNumeri 16:11
15 Referans Kwoze  

Ngalokho abantu baphikisana noMose, bathi: “Siphe amanzi, siphuze.” UMose wathi kubo: “Yini ukuba niphikisane nami na? Nimlingelani uJehova na?”


Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi.


babahlanganyela oMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele okwenu, lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na?”


Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa.


Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.”


“Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.”


UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.


Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.


Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.


Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*


UMose wathuma wabiza oDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe; bathi: “Asiyikukhuphuka;


Yilezo ezaziyizigaba zabalindisango emadodaneni amaKorahi nasemadodaneni kaMerari.


Baba nomhawu ngoMose ekamu,* nango-Aroni ongcwele kaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite