Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 15:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 khona-ke onikela ngomnikelo wakhe woletha kuJehova umnikelo wempuphu wokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini* lamafutha;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 khona-ke lowo onikela ngomnikelo wakhe uyoletha kuSimakade umnikelo wokusanhlamvu wokweshumi kwempuphu ecolisekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Oletha umnikelo wakhe kuJehova uyakuletha umnikelo womlilo wesahlulo seshumi sempuphu ecolekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 15:4
21 Referans Kwoze  

Kanye nelinye iwundlu wonikela ngokweshumi kwempuphu ecolekileyo, ixovwe nokwesine kwehini* lamafutha agxotshiweyo, nokwesine kwehini lewayini, kube ngumnikelo wokuphuzwa.


Umnikelo wawo wempuphu woba ngokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, exovwe namafutha, umnikelo womlilo kuJehova, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wawo wokuphuzwa woba ngokwesine kwehini* lewayini.


“ ‘Nanku umthetho weminikelo yempuphu: amadodana ka-Aroni ayakunikela ngawo phambi kukaJehova ngaphambi kwe-altare.


“ ‘Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,


“Ngosuku lwesishiyagalombili wothatha izimvu zamaduna ezimbili ezingenasici, nexhukazi elinomnyaka munye elingenasici, nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu, kuxovwe namafutha nelogi* lamafutha.


Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Uyakuwulungisela umnikelo wempuphu ekuseni njalo, inxenye yesithupha ye-efa* nenxenye yesithathu yehini* lamafutha ukugcoba impuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu kuJehova njalonjalo ngesimiso esiphakade.


Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi,* nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.


“Kepha umnqumo wathi kuyo: ‘Ngiyakuwayeka yini amafutha ami abadunyiswa ngawo onkulunkulu nabantu, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?’


uthele amafutha kuwo, ubeke inhlaka phezu kwawo; kungumnikelo wempuphu.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Uma enikela ngemvu, ibe ngumnikelo wakhe, wonikela ngayo phambi kukaJehova,


Enye imvu uyakunikela ngayo ekuseni, enye imvu unikele ngayo kusihlwa,


kanye nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngaleyo naleyo nkunzi, kanye nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngenqama inye,


Ngalokho uyakuthenga ngesineke sonke ngale mali izinkunzi, nezinqama, namawundlu kanye neminikelo yakho yempuphu neminikelo yakho yokuphuzwa, unikele ngakho e-altare lendlu kaNkulunkulu wenu eseJerusalema.


Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,


ngaphandle komnikelo wokushiswa wenyanga eyethwasayo nomnikelo wawo wempuphu, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, neminikelo yayo yokuphuzwa ngokwesimiso sayo, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite