Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 15:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kuyakuba ngumthetho munye nesimiso sinye kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kuyoba ngumthetho munye nesimiso esisodwa kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kuyosebenza umthetho owodwa nendlela eyodwa kini nakumfokazi ogogobeleyo kini.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 15:16
8 Referans Kwoze  

Mawube munye umthetho kowokuzalwa ekhaya nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.”


Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”


“ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’ ”


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


“ ‘Uma kona umuntukazana, enza kungengamabomu noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, aze abe necala,


Kubantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo lemizi iyakuba ngeyokuphephela ukuba yilowo nalowo obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.


Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.


“Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite