Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 14:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani alapho ngaphambi kwenu; niyakuwa ngenkemba, lokhu nibuyele emuva ekumlandeleni uJehova; ngalokho uJehova akayikuba khona phakathi kwenu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

43 Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani akhona phambi kwenu, niyakuwa ngenkemba; ngoba seniphambukile eNkosini, ngakho iNkosi kayikuba lani.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 14:43
14 Referans Kwoze  

waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.


Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.”


U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.”


Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!


Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Wathi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wavuka ebuthongweni, wathi: “Ngiyakuphuma njengangezinye izikhathi, ngizithintithe.” Kepha wayengazi ukuthi uJehova wayemukile kuye.


“UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


Ningenyuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu, ukuba ningashaywa ebusweni bezitha zenu.


Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqongweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose awuphumanga ekamu.*


Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo, bayafulathela izitha zabo, ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.


Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:


Usihlehlisela emuva esitheni; abasizondayo bayaziphangela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite