Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 14:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Mina Jehova ngikhulumile; ngiyakwenza lokho ngempela kuyo yonke le nhlangano embi engihlanganyeleyo; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

35 Mina Simakade ngikhulumile. Ngiyakukwenza ngempela lokhu kuyo yonke le nhlangano eyonakele ehlangane yamelana nami kuleli hlane, bonke bayofela khona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Mina, iNkosi, ngathi: Ngokuqinisekile ngizokwenza lokhu kuyo yonke le nhlangano embi engibuthelene yona; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 14:35
10 Referans Kwoze  

uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?


Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.


Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.


Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.


Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.


Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


Njengalokho ngahlulelana nawoyihlo ehlane lezwe laseGibithe, kanjalo ngiyakwahlulelana nani, isho iNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite