Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 14:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Kodwa abantwana benu enithe bazoba yimpango, ngiyobangenisa kulo, balazi izwe enalilahla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kepha nina abantwana enasho ukuthi niyakuba yimpango, ngiyakubangenisa, balazi izwe enalidelela.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 14:31
14 Referans Kwoze  

Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu abangakwazi namuhla okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle.


Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.


Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.


kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.


UJehova usilethelani kuleli zwe, siwe ngenkemba na? Omkethu nabancane bethu bayakuba yimpango; bekungengcono yini kithi ukubuyela eGibithe na?”


“ ‘Bhekani nina zideleli, nimangale, ninyamalale, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi eningayikukholwa yiwo, nakuba umuntu enilandisa ngawo.’ ”


“Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.


bengavumanga ukululeka kwami, bedelela konke ukusola kwami.


kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami;


UJakobe wamupha u-Esawu isinkwa nokudla kwembumba; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe.


Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zawoyihlo, ningagcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.


Abantwana bawo abavusa esikhundleni sawo bona uJoshuwa wabasoka, ngokuba babengabangasokile, lokhu bengabasokanga endleleni.


Abantwana bangena-ke, balidla izwe, wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo, kanye namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite