Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 14:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba bonke labo bantu ababona inkazimulo yami nezimangaliso zami engazenza eGibithe nasehlane, manje sebengilingile izikhathi eziyishumi, abalalelanga izwi lami;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 14:22
31 Referans Kwoze  

Seningihlazisile kayishumi; aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?


Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo ukuba abawise ehlane,


Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.


Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


Ngalokho abantu baphikisana noMose, bathi: “Siphe amanzi, siphuze.” UMose wathi kubo: “Yini ukuba niphikisane nami na? Nimlingelani uJehova na?”


lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;


Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.


Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.


UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”


Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.’ ”


Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.


UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na?


Bathi kuMose: “Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na?


Le minyaka engamashumi amabili bengisendlini yakho; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili, neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqule umvuzo wami kayishumi.


Zathi kubo: “UJehova makanibheke, ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.”


Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”


Lonke ibandla labantwana bakwa-Israyeli lakhonona ngoMose nango-Aroni ehlane.


Abantu bomela khona amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale, thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?”


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”


Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*


Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?


OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile; ngokube wayethathile owesifazane wakwaKushe.


Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane.


“Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova.


Babuye bamlinga uNkulunkulu, bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.


Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa bedlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.


ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.’


Ubona izinto eziningi, kepha awuqapheli; izindlebe zakhe zivulekile, kepha akezwa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite