Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 14:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 kepha impela, kuphila kwami nenkazimulo kaJehova eyakugcwalisa wonke umhlaba,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Nokho ngifunga ngiyagomela, uma nje inkazimulo kaSimakade isawugcwalisa umhlaba wonke,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kodwa kuphila kwami, umhlaba wonke uzagcwala inkazimulo yeNkosi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 14:21
16 Referans Kwoze  

Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.


Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.


Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone: bonke bayabuthana, bafika kuwe. Kuphila kwami,” usho uJehova, “impela uyakubembatha bonke njengemvunulo, uzibhince ngabo njengomakoti.


Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”


Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade:


mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;


Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’


“Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, akusayikubakho ukulinganisa ngalesi saga kwa-Israyeli.


Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho, ngalokho ngiyakukunciphisa impela, iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele.


“Uyakusho kanje kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuphila kwami, abasezincithakalweni, ngempela, bayakuwa ngenkemba, nosendle ngiyakumnika izilwane ukuba adliwe, nabasezinqabeni nasemihumeni bayakufa ngesifo.


“Kuphila kwami,” usho uJehova, “noma uKhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ebe yindandatho esandleni sami sokunene, nokho bengiyakukuhluthula khona,


Yisho kubo ukuthi: ‘Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami:


kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Izinyathelo zami bazibekele ugibe; umphefumulo wami ugobile; bembile igebe phambi kwami, kwakhalakathela bona kulo. Sela*


Njengalokho ngahlulelana nawoyihlo ehlane lezwe laseGibithe, kanjalo ngiyakwahlulelana nani, isho iNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite