Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 13:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki ayela eziqhwageni; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Sabona lapho amaRefa, amadodana ka-Enaki, evela emaRefa; sasinjengezinkumbi emehlweni ethu, futhi sasinjalo nasemehlweni abo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 13:33
17 Referans Kwoze  

Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’


Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba – abakhile kuwo banjengezintethe – noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,


Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.


UmFilisti esabuka wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka emuhle.


abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile ngawo ukuthi: ‘Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?’


Ngokuba u-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.


Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki; wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.


Kwakuhlala khona kuqala ama-Emi, abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki;


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.


Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.


Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.


UJoshuwa wafika ngaleso sikhathi, wanquma ama-Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, nase-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda, nasezintabeni zakwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.


Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku, ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama-Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uJehova uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.”


UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki.


Bonke abantu bakwa-Israyeli sebebonile lo muntu bambalekela, besaba kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite