Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 13:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 13:26
14 Referans Kwoze  

Benze njalo oyihlo mhla ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe.


Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi.


“Sasuka eHorebe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi Barineya.


Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi.


lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho;


AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya.


Base bebuyela emuva, beza e-Eni Mishipati eliyiKadeshi, bachitha izwe lonke lama-Amaleki nelama-Amori ayehlala eHasasoni Tamari.


Base bebuya ekuhloleni izwe ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane.


UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, zisuka eKadeshi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele


kuyizinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngendlela yasentabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi Barineya.


Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane; uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.


UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; bonke babo babe ngabantu abayizinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.


Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.


Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose, inceku kaJehova, wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuba ngihlole izwe, ngabuyisela izwi kuye njengokusenhliziyweni yami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite