Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 13:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)

Gade chapit la Kopi




UNumeri 13:22
21 Referans Kwoze  

lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani.


Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.


Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela, nesiluleko sabaluleki abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: “Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo,” na?


Ngokuba noma izikhulu zakhe ziseSowani, nezithunywa zakhe zifinyelela eHanesi,


UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.


Izikhulu zaseSowani ziphendukile iziwula, izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe; balidukisile iGibithe abangamatshe amagumbi ezizwe zalo.


Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


Kwathi emva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngenyukele yini komunye wemizi yakwaJuda na?” UJehova wathi kuye: “Yenyuka.” Wathi uDavide: “Ngenyukelephi na?” Wathi: “EHebroni.”


Abantwana bakwa-Aroni, umpristi, babanika iHebroni kanye namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neLibina kanye namadlelo alo,


Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki ayela eziqhwageni; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.”


UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,


USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.


Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.


abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile ngawo ukuthi: ‘Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?’


UJoshuwa wakhuphuka e-Egiloni, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eHebroni, balwa nalo.


nakwabaseHebroni, nasezindaweni zonke lapho uDavide uqobo nabantu bakhe bebejwayele ukuhamba khona.


U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite