1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
Ngasemuva abantu basuka eHaseroti, bamisa ehlane lasePharanu.
“Nasondela kimi nina nonke, nathi: ‘Masithume amadoda phambi kwethu ukuba asihlolele izwe, asibuyisele izwi ngendlela esimelwe ukukhuphuka ngayo, nangemizi esiyakufika kuyo.’
“Leyo nto yaba nhle emehlweni ami, ngathatha kini amadoda ayishumi nambili, kwaba yindoda inye kuleso naleso sizwe.
Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose, inceku kaJehova, wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuba ngihlole izwe, ngabuyisela izwi kuye njengokusenhliziyweni yami.
Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli.
“Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.
Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.
“Nalapho uJehova enithuma, nisuka eKadeshi Barineya, ngokuthi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, analalela izwi lakhe.
UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.
Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.